Kodwa abalalelanga, kodwa izintamo zabo zaba lukhuni njengezintamo zaboyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.
KumaHeberu 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane, IsiZulu 2020 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni ngosuku lokulingwa ehlane, Baasraak Zulu New Testament Bible Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane; |
Kodwa abalalelanga, kodwa izintamo zabo zaba lukhuni njengezintamo zaboyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.
Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.
Kepha bona nawobaba bazidla, bazenza lukhuni izintamo zabo, kabalalelanga imiyalo yakho;
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?
Kodwa bamlinga, bamklolodela uNkulunkulu oPhezukonke, abagcinanga ubufakazi bakhe.
Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.
Wabiza indawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuxabana kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yokubuza kwabo uJehova ngokuthi: “Ingabe uJehova uphakathi kwethu noma qha?
Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.
Uyajabula umuntu ohlala esaba, kodwa oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uwela ebubini.
Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.
Kodwa kabangilalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa benza lukhuni intamo yabo; benze okubi kunoyise.
Kodwa lapho inhliziyo yakhe izikhukhumezile futhi ingqondo yakhe isilukhuni ngokuzidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, futhi basusa udumo lwakhe kuye.
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?
Ngoba inhliziyo yalababantu seyaba lukhuni, lendlebe zabo bezwa buthuntu, lamehlo abo bawacimezile; funa noma nini babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.
Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.
Pho-ke niyenzelani lukhuni izinhliziyo zenu njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenza ngokuyisimangaliso phakathi kwabo, abavumelanga yini abantu ukuthi banyakaze futhi basuke?