Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.
KumaHeberu 3:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, IsiZulu 2020 kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono. |
Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.
Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?
Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na?
Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.
ukuba nikhumule maqondana nenkambo yakuqala umuntu omdala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso;
Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe;
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi.