Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.
KumaHeberu 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe. IsiZulu 2020 Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele. |
Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.
BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho.
Ndodana yami, ungazivumeli zisuke ebusweni bakho; gcina ukuhlakanipha okuhle neseluleko.
Ngokuba bhekani, ngiyakuvusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesisheshayo, esidabula ububanzi bezwe, ukuba sidle izindawo zokuhlala ezingezona ezaso.
Nigcwele ihlazo enkazimulweni; Phuza nawe, lembulwe ijwabu lakho; indebe yesandla sokunene sikaJehova iyakuphendulelwa kuwe, nokukhafulelwa okuyihlazo phezu kodumo lwakho.
Anikaqondi yini, futhi anikazikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane ezinhlanu nokuthi bangaki obhasikidi enabutha?
Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
Bekani la mazwi endlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu iyakukhashelwa ezandleni zabantu.
Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.
Ziqapheleni ukuba ningakhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, nizenzele isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wakho konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenqabele ngakho.
Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;
Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;
Ngaphezu kwalokho ngizakukhuthalela ukuba nibe-namandla njalo emva kokumuka kwami lezo zinto zikhunjulwe.
Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza;