UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.
KumaHeberu 12:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi; IsiZulu 2020 Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi. Baasraak Zulu New Testament Bible Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho; |
UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.
Noma izimpethu emva kokuba isikhumba sami siwuqedile lo mzimba, nokho enyameni yami ngiyakumbona uNkulunkulu.
Uyokhuleka kuNkulunkulu, futhi uyojabula ngaye; futhi uyobona ubuso bakhe ngokujabula, ngoba uyobuyisela umuntu ubulungisa bakhe.
Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Kodwa ubulungisa buyobuyela ekulungeni, futhi bonke abaqotho ngenhliziyo bayokulandela.
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.
Ukuqala kokuxabana kunjengokuvulela amanzi; ngakho shiya ingxabano ngaphambi kokuphazamisa.
Ngilaleleni nina eniphishekela ukulunga nina enifuna uJehova; bhekani idwala enaqoshwa kulo nomthombo womgodi enambiwa kuwo.
Usawoti muhle, kepha uma usawoti edumele, ningawuthambisa ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.
Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
Ngakho-ke umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Makube njalo, ngokuba uma wawunikiwe umthetho owawungaphilisa, isibili ukulunga ngabe kuvela ngomthetho.
Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.
Ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.
Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.
Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.
Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe.
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Ngakho njengoba zonke lezi zinto zizancibilika, kufanele libe ngabantu abanjani ekuhambeni konke okungcwele lokumesaba uNkulunkulu?
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.