KumaHeberu 11:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. IsiZulu 2020 wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. Baasraak Zulu New Testament Bible wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. |
Ihlazo laphula inhliziyo yami; futhi ngaba lusizi; nabaduduzi, kepha angibatholanga.
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.
Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.
Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo.
Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.
Ngakho ngiyathokoza ebuthakathakeni, nasekuthukweni, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezelekeni ngenxa kaKristu, ngokuba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.
njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.
Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele;
Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;
Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo.
Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukweqa nokungalaleli kuthola umvuzo ofanele;
behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.
Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.
Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.
UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.