KumaHeberu 11:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. IsiZulu 2020 Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi. |
KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi lakhe, ngimethemba uNkulunkulu; angiyikwesaba ukuthi inyama ingangenzani.
Wasesithi: Uba ubelethisa amaHebherukazi, ubabona besesendle; uma kungumfana, nimbulale; kepha uma kuyindodakazi, iyakuphila.
UFaro wayala bonke abantu bakhe, wathi: “Wonke amadodana azozalwa niwaphonse emfuleni iNayile, nawo wonke amadodakazi niwasindise ephila.
Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.
Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, wayemuhle kakhulu, wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise.
Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.