KumaHeberu 10:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, mina ngiyakubuyisela,” isho iNkosi. Futhi futhi: INkosi izakwahlulela abantu bayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.” IsiZulu 2020 Ngokuba siyamazi owathi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubehlulela abantu bayo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, mina ngiyakubuyisela,” isho iNkosi. Futhi futhi: INkosi izakwahlulela abantu bayo. |
Jehova Nkulunkulu, ngeyakhe impindiselo; O Nkulunkulu, ongowakhe impindiselo, zibonise Wena.
Phambi kobuso bukaJehova, ngokuba uyeza, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngeqiniso lakhe.
phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.
Ngoba ugqoke ukulunga njengesivikelo sesifuba nesigqoko sokuzivikela sensindiso ekhanda lakhe; wembatha izingubo zokuphindisela njengengubo, wembatha ukushisekela njengengubo.
ukumemezela umnyaka womusa kaJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu; ukududuza bonke abalilayo;
Ngokuba usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, nomnyaka wokuhlengwa kwami usufikile.
Ngakho ngiyakunahlulela nina ndlu ka-Israyeli, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, niphenduke kuzo zonke iziphambeko zenu; ngakho ububi abuyikuba ukuwa kwenu.
Nina-ke mhlambi wami, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngiyakwahlulela phakathi kwenkomo nenkomo, naphakathi kwezinqama nezimpongo.
Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
UNkulunkulu unomona, uJehova uyaphindisela; uJehova uyaphindisela, unolaka; uJehova uyaphindisela kwabamelene naye, azigcinele izitha zakhe ulaka.
Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.
Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.
Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali.
UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe.