Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KuFilemoni 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

nokho kungcono ukuba, ngenxa yothando, mina Pawula, osemdala futhi oyisiboshwa sikaKhristu uJesu, ngikuncenge.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KuFilemoni 1:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo.


Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho amandla ami ephela.


Impunga ingumqhele wenkazimulo lapho itholakala endleleni yokulunga.


Naseminyakeni yenu nginguye; ngisho nasezinweleni ezimpunga ngiyonithwala; Ngenzile, futhi ngiyakuthwala; nami ngiyakunithwala, nginisindise.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi;


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;


engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.


Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;


ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni.


Kodwa ngiyalincenga kakhulu ukuthi lenze lokhu, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;


Uma oyise noma abafowabo beza kithi bezokhononda, siyakuthi kubo: ‘Yibani umusa ngenxa yethu, ngokuba asigcinanga, kube yilowo nalowo umkakhe empini, ngokuba anibanikanga bona ngalesi sikhathi; ukuthi uzakuba lecala.