Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.
Johane 9:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo. IsiZulu 2020 Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo. |
Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.
Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.
Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku.
Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.
Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;
Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.
Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.
Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?
Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;
Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.