Johane 7:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?” IsiZulu 2020 UMose akaninikanga yini uMthetho na? Nokho akekho kini ogcina uMthetho. Pho kungani nifuna ukungibulala na?” Baasraak Zulu New Testament Bible UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na? |
Kodwa abalimi sebeyibonile indodana bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.
Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula.
Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.
Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.
Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enimethembayo.
Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.
Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona;
Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.
Ngoba labo abasokileyo kabawugcini umlayo; kodwa bafisa ukuthi nisokwe, ukuze bazincome enyameni yenu.
Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.