Johane 6:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lase liseduze iPhasika labaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda. IsiZulu 2020 UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele. Baasraak Zulu New Testament Bible Lase liseduze iPhasika labaJuda. |
Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umbuthano ongcwele kini; akukho msebenzi wenkonzo ongenziwa kuwo.
Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.
Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo.
Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika ekudumiseni uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.