Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 4:5
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathenga isiqephu sezwe lapho agxumeka khona itende lakhe esandleni sabantwana bakwaHemori uyise kaShekemi ngezinhlamvu eziyikhulu zemali.


Futhi ngakunika isabelo esisodwa ngaphezu kwabafowenu, engabathatha ngenkemba yami nomnsalo wami esandleni sama-Amori.


Ngoba izwi alimemeza ngezwi likaJehova ngokumelene ne-altare eBhethele naphezu kwazo zonke izindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya ngokuqinisekile liyokwenzeka.


Wathuma izithunywa phambi kwakhe, zahamba, zangena emzaneni wamaSamariya ukuba amlungisele.


Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?


Abaningi kumaSamariya akulowo muzi bakholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.


Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


(Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.)


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.