Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo.
Johane 4:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kadunyiswa ezweni lakubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo. IsiZulu 2020 Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ukuthi umphrofethi akahlonishwa ezweni lakubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kadunyiswa ezweni lakubo. |
Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo.
Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo, nasezihlotsheni zakubo, nasendlini yakubo.
Wasesithi: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho umprofethi owamukelwa elizweni lakibo.