Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.
Johane 4:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.” IsiZulu 2020 Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yokuba sitshelwe nguwe, kodwa sesizizwele ngokwethu, sesiyazi ukuthi lo impela unguMsindisi wezwe.” Baasraak Zulu New Testament Bible Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu. |
Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.
UJehova wembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.
Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
Wozani, libone umuntu, ongitshele konke engakwenzayo; lo kayisuye uKristu yini?
Enzalweni yakhe uNkulunkulu uvusele u-Israyeli uMsindisi uJesu, ngokwesithembiso sakhe.
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
Yena uNkulunkulu wamphakamisa ngesandla sakhe sokunene abe nguMbusi noMsindisi, ukuze anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.
okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.
Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.