Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.
Johane 3:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” IsiZulu 2020 UNikhodimu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?” Baasraak Zulu New Testament Bible UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na? |
Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.
Ngizahambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; ngizabahola ngezindlela abangazaziyo; ngiyokwenza kube lula ubumnyama phambi kwabo, ngiqondise izinto eziyisigwegwe. Lezi zinto ngiyakuzenza kubo, ngingabashiyi.
UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na?
UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na?
UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?
Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.
Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?