Johane 3:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi. IsiZulu 2020 Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. Baasraak Zulu New Testament Bible Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi. |
Indawo yakho yokuhlala iphakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi, usho uJehova.
umpristi ambheke, uma idunguza limhlophe esikhumbeni, kwenze uboya baba mhlophe, kukhona inyama ebomvu edunguzeni;
Lokhu kuyoba yisijeziso seGibhithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukuyogubha umkhosi wamadokodo.
Leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungisi, ingenzanga njengentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;
Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?
Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.
Abathi besazi ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abakwenzi lokho kuphela, kodwa bathokozela abakwenzayo.
Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.
nikwazi lokhu kuqala, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki bosulu, behamba ngezinkanuko zabo;