Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.
Johane 20:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. IsiZulu 2020 ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. |
Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.
Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa.
Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.
Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.
Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;
UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe?
Kodwa kabaliqondanga lelilizwi, njalo lalifihlakele kubo, ukuze bangaliqondi; basebesesaba ukumbuza ngalelolizwi.
Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.
Evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu.
uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.