Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.
Johane 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” IsiZulu 2020 Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.” Baasraak Zulu New Testament Bible Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. |
Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.
UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.
Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
Wathi kubo: Beningifunelani na? beningazi yini ukuthi ngifanele ukuba kokukaBaba na?
UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula;
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza.
UJesu waphendula wathi: “Anginademoni; kodwa mina ngidumisa uBaba, kodwa lina liyangidumaza.
Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;
Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.