Johane 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. IsiZulu 2020 Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho. |
Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Ngangomuso wafuna ukuphuma aye eGalile, wafumana uFiliphu, wathi kuye: “Ngilandele.
Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.
UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.