Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Johane 19:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu kamphendulanga. IsiZulu 2020 wabuye wangena endlini yokwehlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu akamphendulanga. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuye wangena endlini yokwahlulela, wathi kuJesu: “Ungowaphi na? Kodwa uJesu kamphendulanga. |
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho.
Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.
UPilatu wayesephinda engena endlini yokwahlulela, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
UPilatu wayesethi kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi yini ukuthi nginamandla okukubethela, nginamandla okukukhulula na?
UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.
ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu.
Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe.