Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Johane 19:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. IsiZulu 2020 Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. |
Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Kwathi uJesu esevukile ekuseni ngolokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena, ayekhuphe kuye amadimoni ayisikhombisa.
(Yebo, nowakho inkemba iyakudabula umphefumulo wakho), ukuze kwambulwe imicabango yezinhliziyo eziningi.
Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezo zinto.
Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?
Nabesifazane abathile, ababephulukiswe kubomoya ababi nasezifweni, uMariya othiwa Magdalena, okwaphuma kuye amademoni ayisikhombisa.
Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.