UJehova uyathokoza ngokulunga kwakhe; uyakuwukhulisa umthetho, awenze uhlonipheke.
Johane 16:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; IsiZulu 2020 ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, anisayukubuye ningibone; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; |
UJehova uyathokoza ngokulunga kwakhe; uyakuwukhulisa umthetho, awenze uhlonipheke.
Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.
Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?
Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;
Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile.
Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;
Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.
Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;