Masivuke ekuseni siye ezivinini; ake sibone ukuthi umvini uyakhama yini, uma izithelo zomvini ziqhakaza, noma amapomegranati ahluma; lapho ngizakunika izithandwa zami.
Johane 15:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. IsiZulu 2020 “Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi. Baasraak Zulu New Testament Bible Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi. |
Masivuke ekuseni siye ezivinini; ake sibone ukuthi umvini uyakhama yini, uma izithelo zomvini ziqhakaza, noma amapomegranati ahluma; lapho ngizakunika izithandwa zami.
Ngalolo suku inkatho kaJehova iyakuba yinhle nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba yinhle, zithandeke kwabaphunyukileyo kwa-Israyeli.
Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.
ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.
Abelusi abaningi basichithile isivini sami, balinyathele phansi izwe lami, benzé izwe lami elimnandi laba ihlane eliyincithakalo.
Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?
Unyoko unjengomvini egazini lakho, otshalwe ngasemanzini; wathela, ugcwele amahlumela ngenxa yamanzi amaningi.
U-Israyeli ungumvini ongenalutho, uyazithela izithelo; ngobuningi bezithelo zawo wandisa ama-altare; njengobuhle bezwe lakhe benza izithombe ezinhle.
Manje yizwa, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngoba bangabantu abamangalisayo, ngoba bheka, ngiyoveza inceku yami, iHLUmela.
Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa.
Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi esivinini sakhe.
Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.
Waseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso. Umuntu othile watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude.
Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga.
UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.
Uma amanye amagatsha aphulwa, wena-ke ongumnqumo wasendle waxhunyelelwa kuwo, uhlanganyele kanye nawo empandeni yokukhuluphala komnqumo;
Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.