Johane 13:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” IsiZulu 2020 UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho olunye, kuphela ukugezwa izinyawo, ngalokho umzimba wonke ugezekile. Nina-ke nigezekile, kodwa hhayi nina nonke.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele; |
Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ububi buka-Israyeli, kepha abuyikuba khona; nezono zikaJuda aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibagcinayo.
Lowo odedela impongo ka-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, angene ekamu.
Osishisayo kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze umzimba wakhe ngamanzi, ngemva kwalokho kumelwe angene ekamu.
Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.
Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.
USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami.
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.
Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.