Johane 11:53 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona kusukela ngalolo suku benza icebo lokuba bambulale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kusukela kulolo suku baceba ukuba bambulale. IsiZulu 2020 Ngakho kusukela kulolo suku, bakha uzungu lokumbulala. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona kusukela ngalolo suku benza icebo lokuba bambulale. |
Ngase ngifakaza ngabo, ngathi kubo: Nilalani odongeni na? uma uphinda, ngiyakubeka izandla phezu kwakho. Kusukela lapho abaphindanga beza ngeSabatha.
Kusukela ngaleso sikhathi inxenye yezinceku zami yenza umsebenzi, enye ingxenye yazo yaphatha imikhonto, nezihlangu, neminsalo, nabaninindlu; izikhulu zazilandela yonke indlu yakwaJuda.
Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:
Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami.
Ngokuba izitha zami zikhuluma ngami; nabaqamekela umphefumulo wami bayacebisana;
Wayesethi uJeremiya kuZedekiya: “Uma ngikutshela lokhu, awuyikungibulala nokungibulala na? uma nginiluleka, aniyikungilalela na?
Ngakho izikhulu zathi enkosini: “Siyakucela ukuba lo muntu abulawe, ngokuba wenza buthakathaka kanjalo izandla zamaqhawe asele kulo muzi, nezandla zabo bonke abantu, ngokukhuluma amazwi anje, aze enze lo muntu. Hhayi ukufuna inhlalakahle yalaba bantu, kodwa ubuhlungu.
Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.
Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;
Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.
Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
Khona abapristi abakhulu nabaFarisi base bebutha umphakathi, bathi: “Senzenjani na? ngoba lomuntu wenza izibonakaliso ezinengi.
Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.