Johane 11:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, nobuso bakhe buboshwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, limyeke ahambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.” IsiZulu 2020 Waphuma obefile eboshwe ngezindwangu ezinyaweni nasezandleni, ubuso bakhe bumbozwe ngesiqephu sendwangu. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.” Baasraak Zulu New Testament Bible Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, nobuso bakhe buboshwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, limyeke ahambe. |
Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;
Kwasekusiza nenye, yathi: Nkosi, bheka, nangu umina wakho, ebengiwubeke eqhiyeni.
UJesu wathi: Susani itshe. UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka, ngokuba usenezinsuku ezine efile.
Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela.
Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye.
Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.
Oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.