Johane 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba amastadiyu ayishumi nanhlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. IsiZulu 2020 IBhethaniya laliseduze neJerusalema, kungamastadiyu ali-15. Baasraak Zulu New Testament Bible IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba amastadiyu ayishumi nanhlanu. |
Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha.
Kwakukhona ogulayo othile, uLazaru waseBethaniya, umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.
Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini;
Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini laze lafika ematomini amahhashi, lihamba amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.
Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. Ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana.