Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.
Johane 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. IsiZulu 2020 Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. |
Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!
Ngakho uma umzimba wakho wonke ugcwele ukukhanya, ungenandawo emnyama, uyakuba nokukhanya wonke, njengalapho ukukhanya kwesibani sikukhanyisela.
Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.
Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.
Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.