Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Johane 1:33 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’ IsiZulu 2020 Bengingamboni mina, kodwa owangithumayo ukuba ngibhabhadise ngamanzi, wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla, ahlale phezu kwakhe, nguyena obhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. |
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;
Nami bengingamazi, kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.
Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.
UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi.
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.