UJehova wangizuza ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yakhe yasendulo.
Johane 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” IsiZulu 2020 UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ” Baasraak Zulu New Testament Bible UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. |
UJehova wangizuza ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yakhe yasendulo.
Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;
nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.
Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi: Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile, futhi wabuye waphila;