IzEnzo 8:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu. IsiZulu 2020 UFiliphu wakhuluma naye, eqala kulowo mbhalo; wamshumayeza ivangeli ngoJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu. |
UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.
Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
Kwasekumelana laye izazi ezithile zefilosofi zamaEpikhuru lamaStoyiki. Abanye bathi: Lizakuthini lelipholi? abanye bathi: “Ungathi ungumshumayeli wabangaziwa,” ngokuba wayeshumayela kubo ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.
Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu.
Umthenwa waphendula uFiliphu, wathi: “Ngiyakuncenga, umprofethi ukhuluma lokhu ngobani na? ngaye, noma ngomunye umuntu na?
Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki;
Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni.