Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
IzEnzo 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. IsiZulu 2020 Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. |
Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;
Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.
UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.
Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami.
Eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa izinto eziphathelene neNkosi uJesu Kristu ngesibindi esikhulu, engavinjelwa muntu.
Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso.
Nokho eNkosini kayilutho owesilisa ngaphandle kowesifazane, nomfazi ngaphandle kwendoda eNkosini.
Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;