UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti, indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe; basuka kanye nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bahlala khona.
IzEnzo 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, IsiZulu 2020 Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana, Baasraak Zulu New Testament Bible Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; |
UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti, indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe; basuka kanye nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bahlala khona.
UJehova wathi ku-Abrama: “Suka ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti, indodana yomfowabo, nempahla yabo yonke ababeyiqoqile, nemiphefumulo ababeyifumene eHarana; basebesuka ukuya elizweni leKhanani; bafika ezweni laseKhanani.
Wathi kuye: NginguJehova owakukhipha e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe ukuba ulidle.
Wena unguJehova uNkulunkulu owakhetha u-Abrama, wamkhipha e-Uri lamaKaledi, wametha igama lokuthi u-Abrahama;
Phakamisani amakhanda enu, O masango! futhi ziphakamiseni, minyango yaphakade! futhi inkosi yodumo iyongena.
Izwi likaJehova liphezu kwamanzi; uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma, uJehova uphezu kwamanzi amaningi.
Onkulunkulu bezizwe abachitha obaba babasindisa yini, iGoshani, neHarana, neRezefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari?
Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.
Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.
Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Eseshilo lokho, kwavela ukungezwani phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, uquqaba lwahlukana phakathi.
Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni.
ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;
silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.
UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ezinsukwini zasendulo oyihlo babehlala ngaphesheya koMfula, uThera, uyise ka-Abrahama, noyise kaNahori; bakhonza abanye onkulunkulu.
Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.