Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo.
IzEnzo 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe. IsiZulu 2020 Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. |
Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo.
UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.
UJuda wayesesondela kuye, wathi: “Awu, nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, futhi intukuthelo yakho mayingayivuthi encekwini yakho, ngokuba unjengoFaro;
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
Ubathethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abeqe ngazo kuwe, ubenzele umusa phambi kwalabo ababathumbile njengeziboshwa, ukuze babe nesihe kubo.
Ngokuba akadelelanga, akanengwanga ukuhlupheka kwabadabukileyo; futhi akamfihlelanga ubuso bakhe; kodwa lapho embiza, wezwa.
Futhi uJehova uyobasiza futhi abasindise; Uyobasindisa kwababi futhi abasindise, ngoba bethembele kuye.
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.
Ngokuba uJehova uyapha ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqondisisa.
Mthathe, umbheke kahle, ungamenzi okubi; kodwa yenzani kuye njengokutsho kwakhe kini.
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
Bheka, sithi babusisiwe abakhuthazelayo. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, nibonile isiphetho seNkosi; ukuthi iNkosi inesihawu esikhulu, nesihawu.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.