(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
IzEnzo 5:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thina singabafakazi bakhe balezizinto; kanjalo noMoya oNgcwele, uNkulunkulu amnike abamlalelayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.” IsiZulu 2020 Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Thina singabafakazi bakhe balezizinto; kanjalo noMoya oNgcwele, uNkulunkulu amnike abamlalelayo. |
(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.
Wabonwa izinsuku eziningi yilabo ababekhuphukele naye eJerusalema besuka eGalile, abangabofakazi bakhe kubantu.
Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba ningathwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo;
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.
Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.