Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
IzEnzo 3:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ IsiZulu 2020 Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’ |
Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.
Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye?
Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.
Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;
Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.
Wasiqinisa kuJakobe saba ngumthetho naku-Israyeli njengesivumelwano esiphakade;
Wamisa inhliziyo yakhe ngokwethembeka phambi kwenu, wenza isivumelwano naye sokulinika izwe lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaJebusi, namaGirigashi, ukulinika inzalo yakhe, wagcwalisa amazwi akho; ngoba wena ulungile.
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.
Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.
Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;
Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.
Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.
Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe.
Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli laphakade ukubalishumayele kwabakhileyo emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu;
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;
Emva kwalokho ngabona, bheka, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, siphuma kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, namasundu embethe izingubo ezimhlophe izandla zabo;