Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 3:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

okufanele ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaphrofethi bakhe abangcwele, kusukela emaphakadeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 3:21
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni, nabeluleki bakho njengasekuqaleni; emva kwalokho uyakubizwa ngokuthi: Umuzi wokulunga, umuzi othembekileyo.


Njengoba akhuluma ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, ababekhona kusukela endulo.


Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.


Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Iyakuthuma uJesu Kristu owashunyayelwa kini ngaphambili;


Ngokuba nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.


UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


ukuze likhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili ngabaprofethi abangcwele, lomlayo wethu thina baphostoli beNkosi loMsindisi;


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Yathi kimi: “Lawa mazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wabaprofethi abangcwele yathuma ingelosi yayo ukubonisa izinceku zayo okumelwe zenzeke masinyane.