Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 3:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngesikhathi somhlatshelo womhlatshelo wakusihlwa u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi uNkulunkulu wakho ukhona kwa-Israyeli! nokuthi ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile zonke lezi zinto ngezwi lakho.


Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami.


Elinye iwundlu kumelwe ulilungise ekuseni; elinye iwundlu kumelwe ulilungise kusihlwa.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Kumelwe ulungise elinye iwundlu ekuseni, futhi kumelwe ulungise elinye kusihlwa;


Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.


Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi.


Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.


Amadoda amabili enyukela ethempelini ukuyokhuleka; omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.


Wasethuma uPetro loJohane, esithi: Hambani lisilungisele iphasika, ukuze sidle.


Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu. Amen.


Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle.


Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”


UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.


eyathi ibona uPetro loJohane sebezangena ethempelini, yacela isipho.


UPetro wasemgqolozela kanye loJohane, wathi: Sikhangele.


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile nabangafundile, bamangala; base bebazi ukuthi babenoJesu.


Kwase kufika omunye wababikela, wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, efundisa abantu.


Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane;


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.