Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 55:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 55:17
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, ngiyakhala ngokungabi nabulungisa, kepha kangizwakali; Ngimemeza kakhulu, kodwa akukho ukwahlulela.


Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.


Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.


Ngokuba uyosindisa ompofu lapho ebiza; nompofu nongenamsizi.


Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Kepha ngakhala kuwe, Jehova; ekuseni umkhuleko wami uyakukuvimba.


Ukwembula umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ubusuku bonke,


Noma ngimemeza ngimemeza, akawuvali umkhuleko wami.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku.


Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka.


Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo.


Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”


UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;


Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha;


Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka