IzEnzo 28:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. IsiZulu 2020 UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible UPawuli etheza inyanda lezinkuni, walibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. |
Isiprofetho ngezilwane zaseningizimu: ezweni lokuhlupheka nenkathazo, lapho kuvela khona ibhubesi lengonyama, inyoka nenyoka evuthayo, bayothwala imfuyo yabo emahlombe amazimbongolo nengcebo yabo phezu kolwandle. Imihlambi yamakamela, kubantu abangayi kubasiza ngalutho.
Bachamisela amaqanda, baluke ubulembu; Odla amaqanda abo uyafa, futhi ochotshozwayo uphumela ibululu.
Njengokungathi umuntu ubalekela ingonyama, ahlangane nebhere; noma engena endlini, wancika isandla sakhe odongeni, walunywa yinyoka.
Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?
Bayakuphatha izinyoka; futhi uma bephuza okubulalayo, akusoze kwabalimaza; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, futhi bayakusinda.
Amaqaba asenzela umusa omkhulu, ngokuba aphemba umlilo, asamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.
Abezizwe sebebona isilo esinesihlungu silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngokuqinisekile lo muntu ungumbulali, okuthi noma esindile olwandle ukuphindisela akuvumi ukuba aphile.
Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi.
njengabangaziwa, kodwa baziwa kakhulu; njengabafayo, futhi, bheka, siyaphila; njengabalaywayo, njalo abangabulawanga;