IzEnzo 28:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. IsiZulu 2020 Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwezinyanga ezintathu samuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya, owawudlulise ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungoKastore noPoluksi. |
Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu, aletha umhlatshelo kuJehova, enza izithembiso.
Khona-ke amatilosi esaba futhi abiza yilowo nalowo kunkulunkulu wakhe futhi aphonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini ukuze enze kube lula kuwo. Kepha uJona wehlela ezinhlangothini zomkhumbi; walala ubuthongo.
Sebedabule isihlenge baze bafika ePhafosi, bafumana indoda ethile eyisanusi, umprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu.
Khona induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oya e-Italiya; wasifaka khona.
abasidumisile futhi ngokutusa okuningi; kwathi sesihamba, basithwalisa esikudingayo.
Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.