Kwathi ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala sasuka emfuleni i-Ahava saya eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasikhulula esandleni sesitha nakulabo abalindile. Konje.
IzEnzo 26:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka, IsiZulu 2020 Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke sengizuze usizo lukaNkulunkulu, ngimi kuze kube yilolu suku, ngifakaza kwabancane nabakhulu, ngingakhulumi okunye ngaphandle kwalokho abakushilo abaprofethi noMose ukuthi kuyakwenzeka; |
Kwathi ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala sasuka emfuleni i-Ahava saya eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasikhulula esandleni sesitha nakulabo abalindile. Konje.
Uvumele abantu bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sidabule emlilweni nasemanzini, kepha wasikhipha wasiyisa endaweni enothile.
INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.
Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.
Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.
Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.
UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.
Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami.
Abaprofethi bonke bafakaza ngaye ukuthi yilowo nalowo okholwa nguye uyakwamukela ukuthethelelwa kwezono ngegama lakhe.
Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngendlela abayibiza ngokuthi ihlelo, ngokunjalo ngiyamkhonza uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiweyo emthethweni nakubaprofethi;
Kalokhu ngimi futhi ngigwetshiwe ngenxa yethemba lesithembiso uNkulunkulu asinika okhokho bethu.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi;
Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo;
Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.
Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.
Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.
Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”