Nithi: ‘Sisindise, Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usikhulule kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sidumise ekudumiseni kwakho.
IzEnzo 26:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo IsiZulu 2020 Ngizakukusindisa esizweni sakini nakwabezizwe engikuthumela kubo, Baasraak Zulu New Testament Bible ngikukhulula kubantu nakwabezizwe, engikuthuma kubo manje. |
Nithi: ‘Sisindise, Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usikhulule kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sidumise ekudumiseni kwakho.
Futhi bayokulwa nawe; kepha aziyikukuhlula; ngoba mina nginawe, usho uJehova, ukuze ngikusindise.
Ngokuba awuthunyelwanga kubantu abanenkulumo eyinqaba nolimi olulukhuni, kepha kuyo indlu yakwa-Israyeli;
Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.
Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.
Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.
Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.
Bacela umusa ngaye ukuba ambize eJerusalema, beqamekele ukuba bambulale endleleni.
Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.
Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.
Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.