IzEnzo 26:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu, IsiZulu 2020 “Kwathi ngiya eDamaseku ngegunya nangemvume yabaphristi abakhulu, Baasraak Zulu New Testament Bible okwathi lapho ngiya eDamaseku nginegunya nokuthunywa kubapristi abakhulu, |
Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuthi akukhulume ebantwini bonke, abapristi labaprofethi labantu bonke bamthatha bathi: Uzakufa lokufa.
Kepha abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi, uma ekhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.
Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo.
Emini enkulu, nkosi, ngisendleleni ngabona ukukhanya okuvela ezulwini okungaphezu kokukhanya kwelanga, kungikhanyisa nxazonke zami nababehamba nami.
Ekugcineni kwabo bonke wabonwa nakimi, njengakuwo owazalwa kungakabi yisikhathi.