IzEnzo 26:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami. IsiZulu 2020 Lokho ngakwenza eJerusalema, ngafaka abaningi abangcwele emajele, ngigunyazwe ngabaphristi abakhulu; nalapho abangcwele bebulawa yimi engangibalahla ngevoti lami. Baasraak Zulu New Testament Bible lokho nami ngakwenza eJerusalema; abaningi kwabangcwele ngabavalela etilongweni, ngithole amandla kubapristi abakhulu; futhi lapho bebulawa, ngazwakalisa izwi lami ngokumelene nabo. |
Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule.
Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.
Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
Kepha bonke abamuzwayo bamangala, bathi; Lo akusiye yini owabhubhisa eJerusalema ababiza leli gama, futhi uze lapha ngale njongo, ukuze abayise kubapristi abakhulu beboshiwe?
Kwathi uSawuli esefikile eJerusalema, walinga ukuzihlanganisa labafundi, kodwa bonke babemesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi.
Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile.
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha;
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu: