Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
IzEnzo 23:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi, uPawulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.” IsiZulu 2020 Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi, uPawulu; |
Ngoba uyokuma ngakwesokunene sompofu, ukuze amsindise kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.
Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha.
ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;
Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho.
Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.
Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.
INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;
Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa;
Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona;
Ngambona ethi kimi: ‘Sheshisa uphume masinyane eJerusalema, ngokuba kabayikwamukela ubufakazi bakho ngami.
Angisiye umphostoli na? angikhululekile na? Angimbonanga uJesu Kristu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo;
Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.