Kepha uJehoyada umpristi waziyala izinduna zamakhulu, izinceku zempi, wathi kuzo: “Myekeni aphumele ngaphandle kwamasimu, nibulale omlandelayo ngenkemba. Ngokuba umpristi wathi: “Makangabulawelwa endlini kaJehova.”
IzEnzo 21:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wonke wanyakaza, abantu bagijima kanyekanye, bambamba uPawulu, bamdonsela ngaphandle kwethempeli, kwavalwa masinyane iminyango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane. IsiZulu 2020 Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu babuthanela ndawonye, bambamba uPawula, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa ngokuphazima kweso. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuzi wonke wanyakaza, abantu bagijima kanyekanye, bambamba uPawulu, bamdonsela ngaphandle kwethempeli, kwavalwa masinyane iminyango. |
Kepha uJehoyada umpristi waziyala izinduna zamakhulu, izinceku zempi, wathi kuzo: “Myekeni aphumele ngaphandle kwamasimu, nibulale omlandelayo ngenkemba. Ngokuba umpristi wathi: “Makangabulawelwa endlini kaJehova.”
Base besukuma, bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamqhubela phezu kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamjikijele phansi.
Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma enkundleni yemidlalo nganhliziyonye babamba uGayu no-Aristarku abaseMakedoniya ababehamba noPawulu.
ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga.