Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke!
IzEnzo 20:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, IsiZulu 2020 “Bhekani manje, ngiya eJerusalema ngokulalela nokuboshwa nguMoya, futhi angikwazi okuzakungehlela khona, Baasraak Zulu New Testament Bible Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; |
Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke!
Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema.
Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
Kwathi uPawuli esabalindile eAthene, umoya wakhe wakhathazeka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.
Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela; ngokuba sibona kanje, ukuthi munye wafela bonke, khona-ke bonke bafile;
Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa.