UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku, wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?
IzEnzo 19:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; IsiZulu 2020 Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu. |
UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku, wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?
Bonke bayakwesaba, bamemezele umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba izenzo zakhe bazozicabangela ngokuhlakanipha.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.
Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, futhi zonke lezi zindaba zezwakala ezweni lonke lezintaba laseJudiya.
Ukwesaba kwehlela phezu kwabo bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu; nokuthi, UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.
Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.
Umuntu okuye umoya omubi weqela phezu kwabo, wabanqoba, wabahlula, baze babaleka kuleyondlu benqunu, belimele.
Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.
Ukwesaba okukhulu kwehlela phezu kwebandla lonke nakubo bonke abazizwayo lezizinto.
Kwabanye kakho owaba lesibindi sokuzihlanganisa labo, kodwa abantu babebakhulisa.
U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.
Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
ukuze ibizo leNkosi yethu uJesu Kristu likhazinyuliswe kini, lani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu leNkosi uJesu Kristu.
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni, ukuze izwi leNkosi lihambe ngokukhululekile, futhi likhazinyuliswe, njengoba kunjalo nakini.
Base bethi abantu baseBeti Shemeshi: “Ngubani ongema phambi kwalo Jehova uNkulunkulu ongcwele na?” futhi uyokwenyukela kubani esuka kithi?