IzEnzo 19:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, IsiZulu 2020 Kwathi u-Apholo eseseKhorinte, kwafika uPawula e-Efesu, esenqamule ezifundeni ezingenhla; wafica abafundi abathile, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu esedabule izwe eliphezulu, wafika e-Efesu; |
UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.
Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla;
Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;
(Ngokuba babebone ngaphambili uTrofimu wase-Efesu enaye emzini, ababecabanga ukuthi uPawulu umngenise ethempelini.)
Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.
Uma ngokwabantu ngalwa nezilo e-Efesu, ngiyakungisizani, uma abafileyo bengavuki na? masidle, siphuze; ngoba kusasa sizakufa.
Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kodwa uyeza nxa enethuba.
Lezi zinto, bazalwane, ngizifanise nami no-Apholo ngenxa yenu; ukuze nifunde kithi ukuthi ningacabangi abantu ngaphezu kokulotshiweyo, ukuze kungabikho ozikhukhumezayo ngenxa yomunye.
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu: